IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Amahubo

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amazwi KaNkulunkulu USomandla. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amazwi KaNkulunkulu USomandla. Bonisa konke okuthunyelwe

22.5.18

Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu

        Umsebenzi wokuphatha isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu, okusho ukuthi umsebenzi wokusindisa isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu. Lezi zigaba ezintathu azihlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, kodwa kunalokho izigaba ezintathu zeNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkathi Yombuso. Umsebenzi wokudala umhlaba kwabe kuwumsebenzi wokudala sonke isintu. Kwakungewona umsebenzi wokusindisa isintu, futhi awuphathelene nomsebenzi wokusindisa isintu, ngoba ngesikhathi umhlaba udalwa isintu sasingakhonakaliswa uSathane, ngakho sasingekho isidingo sokwenza umsebenzi wokusindisa isintu.

23.1.18

Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha

      Uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha selufika emaphethelweni, futhi isango lombuso weZulu selivulelwe bonke abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nilindeni? Yini eniyifunayo? Ingabe nilinde ukubonakala kukaNkulunkulu? Ingabe nifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Kwazi kwalangazelezwa ukubonakala kukaNkulunkulu! Futhi kwaze kwaba nzima ukuthola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu! Enkathini efana nalena, emhlabeni ofana nalo, kumele senzeni ukuze sibone usuku lokubonakala kukaNkulunkulu? Kumele senzeni ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu?

11.1.18

6.1.18

Ukuhunyushwa Kwezwi Leshumi Nesishiyagalolunye


  "Kubonakala sengathi emicabangweni yabantu, uNkulunkulu uphakeme kakhulu futhi akaqondakali. Kusengathi uNkulunkulu akahlali phakathi kwabantu, kusengathi ubabukela phansi abantu ngoba uphakeme kangaka.

31.12.17

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amane Nanye

UNkulunkulu USomandla uthi:
   "Usebenza kanjani uNkulunkulu kumuntu? Ingabe uyakuqonda lokhu? Ingabe kucacile? Futhi kwenziwa kanjani ebandleni? Yini oyicabangayo? Ingabe uke wayicabangela le mibuzo?

25.12.17

Mayelana neBhayibheli (4)

  Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukuqonda nokukwazi ukuchaza iBhayibheli kufana nokuthola indlela yeqiniso—kodwa empeleni, Ingabe izinto zicace kanjalo ngempela? Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu.
Wonke umuntu oke walifunda iBhayibheli uyazi ukuthi likhuluma ngezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi seNkathi Yomthetho kanye neNkathi Yomusa. 

24.12.17

Mayelana neBhayibheli (1)

Kufanele silithathe kanjani iBhayibheli ekukholweni kuNkulunkulu? Lo umbuzo omayelana nomyalo. Kungani sixoxisana ngalo mbuzo? Yingoba esikhathini esizayo uyosabalalisa ivangeli futhi wandise umsebenzi weNkathi Yombuso, futhi akwanele ukumane wazi ukukhuluma ngomsebenzi kaNkulunkulu namhlanje.

11.12.17

Unamuzwa Muni Ngezincwadi Eziyishumi Nantathu?

     UNkulunkulu USomandla uthi:
  
    "ITestamente Elisha leBhayibheli linezincwadi zikaPawulu eziyishumi nantathu. Lezi zincwadi eziyishumi nantathu zonke zabhalwa uPawulu ebhalela amabandla ayekholwa kuJesu Kristu ngesikhathi somsebenzi wakhe.

7.12.17

UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke























Njengamalunga ohlanga lwesintu kanye namaKristu azinikele, kuwumthwalo nesibopho sethu sonke ukunikela imiqondo nemizimba yethu ukuze kugcwaliseke umsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu ngoba ubuthina bonke bavela kuNkulunkulu, futhi bukhona ngenxa yobukhosi bukaNkulunkulu.

3.11.17

Mayelana neBhayibheli (4)

  Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukuqonda nokukwazi ukuchaza iBhayibheli kufana nokuthola indlela yeqiniso—kodwa empeleni, Ingabe izinto zicace kanjalo ngempela? Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umuntu oke walifunda iBhayibheli uyazi ukuthi likhuluma ngezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi seNkathi Yomthetho kanye neNkathi Yomusa.

Mayelana neBhayibheli (3)

  Akuyona yonke into eseBhayibhelini engumbhalo wamazwi akhulunywa nguNkulunkulu mathupha. IBhayibheli lethula izigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu waphambilini, ingxenye eyodwa ingumbhalo ngokubikezela kwabaphrofethi, enye ingxenye yilokho abantu abadlule kukho kanye nolwazi olubhalwe ngabantu abebesetshenziswa nguNkulunkulu ngesikhathi sonke sezinkathi.

2.11.17

Mayelana NeBhayibheli (2)

        IBhayibheli futhi libizwa ngokuthi iTestamente Elidala neTestamente Elisha. Niyazi ukuthi “itestamente” kuchaza ukuthini? “Itestamente” eTestamenteni Elidala livela esivumelwaneni sikaJehova kanye nabantu bakwa-Israyeli, ngesikhathi ebulala abantu baseGibhithe futhi wasindisa abakwa-Israyeli kuFaro. Impela, ubufakazi balesi sivumelwano kwabe kuyigazi le wundlu elalibhecwe eminyango, uNkulunkulu amisa ngalo isivumelwano nomuntu, lapho okwathiwa bonke labo ababenegazi lewundlu emakhothameni nasezinsikeni zomnyango kwabe kungama-Israyeli, babengabantu baNkulunkulu abakhethiweyo, futhi bonke babeyosindiswa nguJehova (ngoba uJehova ngaleso sikhathi wayesezobulala wonke amadodana angamazibulo eGibhithe kanye namazibulo ezimvu nezinkomo) Lesi sivumelwano sinamazinga amabili encazelo.