IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Amahubo

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Ubufakazi. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Ubufakazi. Bonisa konke okuthunyelwe

25.8.19

UNkulunkulu Uyalela U-Abrahama Ukuba Anikele Ngo-Isaka

Ngokunika u-Abrahama indodana, amazwi uNkulunkulu ayewakhulume ku-Abrahama agcwaliseka. Lokho akusho ukuthi icebo likaNkulunkulu laphelela lapha; ngokuphambene, icebo elimangalisayo likaNkulunkulu lokuqondisa nensindiso yesintu kwakusanda kuqala, futhi isibusiso Sakhe sendodana asinika u-Abrahama sasiyisiqalo sawo wonke umsebenzi Wakhe wecebo lokuqondisa.

25.7.19

Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu

umsebenzi kaNkulunkulu,amanzi aphilayo,






















Umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu ungehlukaniswe nomuntu uqobo, ngoba umuntu uyinjongo yomsebenzi Wakhe, futhi nguye kuphela isidalwa esenziwe uNkulunkulu esingafakaza kuNkulunkulu.

22.6.19

Kumele Niqonde Umsebenzi; Ningalandeli nje Ngokudideka!

Njengamanje baningi abantu abakholwa ngendlela enokudideka. Kuningi enizibuza kona, umuzwa wenu wokuphokophelela izibusiso mkhulu kakhulu, kanti umuzwa wenu wokuphokophelela ukuphila wona muncane kakhulu.

8.6.19

Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)

INkathi Yomusa yashumayela ivangeli lokuphenduka, futhi uma umuntu ekholwa, wayezosindiswa. Namuhla, esikhundleni sensindiso kunenkulumo yokunqoba nokuphelelisa.

31.5.19

Abantu Abangakulalela Ngokugcwele Ukuba Ngokoqobo KukaNkulunkulu Yilabo Abamthanda Ngeqiniso UNkulunkulu























Ukuba nolwazi ngokungokoqobo nokukwazi ukuwubona ngokucacile umsebenzi kaNkulunkulu—konke lokhu kuyabonakala emazwini Akhe. Ukukhanya ungakuthola kuphela emazwini kaNkulunkulu, ngakho kufanele uzihlomise kakhulu ngamazwi Akhe.

11.5.19

Isahluko 12

Lapho bonke abantu belalela, lapho zonke izinto ziba zintsha futhi zivuselelwa, lapho bonke abantu bezinikela kuNkulunkulu ngaphandle kokungabaza, futhi bezimisele ukuthwala umthwalo wemfanelo onzima womthwalo kaNkulunkulu—lokhu kuyisikhathi lapho umbani wasempumalanga uphazima, ukhanyisa konke kusuka eMpumalanga kuya eNtshonalanga, kwethuke wonke umhlaba ngokufika kwalokhu kukhanya; bese ngalo mzuzu, uNkulunkulu aphinde futhi aqale impilo Yakhe entsha.

23.4.19

Isenzo (3)

Kumele nikwazi ukuphila ngokuzimela, nikwazi ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu ngokwakho, ukubona amazwi kaNkulunkulu ngokwakho, nokuphila impilo evamile engokomoya ngaphandle kokuholwa abanye; kumele nikwazi ukuthembela emazwini anamuhla kaNkulunkulu ukuze niphile, ningene ekwazini okuyiqiniso, nokubona ngeqiniso.

16.4.19

Kuyini Ukuqonda Kwakho “Izibusiso”?

Nakuba labo abazalwe kule nkathi bebhekene nezimo zokukhohlakala kukaSathane nokungcola kwamadimoni, kuyiqiniso futhi ukuthi bayakwazi ukuzuza insindiso enkulu ngenxa yalokhu kukhohlakala, ngisho nokungaphezulu kwemfuyo egcwele izintaba namathafa kanye nempahla yomndeni enkulu eyazuzwa uJobe, futhi ingaphezu kwesibusiso esatholwa uJobe sokubona uJehova ngemva kwezilingo zakhe.

31.3.19

Isahluko 14

Isikhathi sihambe ngempela manje. UMoya oNgcwele usebenzisa izindlela ezihlukahlukene ukuze usiholele emazwini kaNkulunkulu futhi sihlonyiswe ngalo lonke iqiniso, singcweliswe, ukuze nibe nokusondelana nobudlelwane obuseduze ngempela naMi; aninikezwanga mvume yokuba nikhethe.

16.3.19

Isahluko 27

UNkulunkulu oyedwa wangempela ophethe zonke izinto emhlabeni nasezulwini—uKristu onamandla onke! Lobu ngubufakazi boMoya oNgcwele, ubufakazi obungenakuphikiswa! UMoya oNgcwele usebenza ukufakaza yonke indawo, ukuze kungabikho muntu onokungabaza.

27.2.19

Isahluko 41

Mayelana nezinkinga ezivela ebandleni, ungagcwali ukukhononda okuningi. Lapho ibandla lakhiwa awagwemeki amaphutha, kodwa ungethuki lapho ubhekene nezinkinga, zotha uziqoqe.

3.2.19

Isahluko 64

Akufanele uqonde amazwi Ami ngendlela engenangqondo; kufanele uqonde amazwi Ami ngazo zonke izingxenye futhi kufanele uzame ukuwaqonda ngokwengeziwe futhi uzindle ngawo ngokuphindaphindiwe, hhayi ngosuku noma ngobusuku nje.

31.1.19

Isahluko 68

Izwi Lami lenziwa kuwo wonke amazwe, izindawo, izizwe namahlelo, futhi izwi Lami liyagcwaliseka kulo lonke igumbi noma ngasiphi isikhathi.

9.1.19

Isahluko 85

Ngisebenzisa abantu abehlukene ukuze ngifeze intando Yami: Iziqalekiso Zami ziyafezeka kulabo engibasolayo futhi izibusiso Zami ziyafezeka kulabo engibathandayo.

28.12.18

Isahluko 99

Ngenxa yokuthi isivinini somsebenzi Wami siyakhula, akekho ongahambisana nezinyathelo Zami, futhi akekho ongangena emqondweni Wami, kodwa le ukuphela kwendlela okufanele ihanjwe.

27.12.18

Isahluko 102

Ngikhulume ngokusezingeni elithile futhi ngasebenza ngokusezingeni elithile; nonke kufanele niqonde intando Yami futhi nikwazi ngamazinga ehlukene ukucabangela umthwalo Wami.

24.12.18

Isahluko 105

Ngenxa yezimiso zamazwi Ami, ngenxa yendlela yomsebenzi Wami, abantu bayangiphika; lokhu kuyinhloso yokukhuluma Kwami isikhathi eside kangaka (kukhulunywa mayelana nayo yonke inzalo kadrako omkhulu obomvu).

19.12.18

Isahluko 110

Lapho konke sekwambulwe kuyoba lapho ngiphumula khona, futhi ngaphezu kwalokho, kuyoba yisikhathi lapho konke kuhlelekile khona. Ngenza umsebenzi Wami Ngokwami. Ngihlela konke futhi ngilungiselele konke Ngokwami.

13.12.18

Zulu Christian Song “UNkulunkulu Uyisiqalo futhi Uyisiphetho” UNkulunkulu Ufikile uNkulunkulu Ubusile



Zulu Christian Song  “UNkulunkulu Uyisiqalo futhi Uyisiphetho” UNkulunkulu Ufikile uNkulunkulu Ubusile

UNkulunkulu uyiSiqalo,
UNkulunkulu uyiSiqalo,
UNkulunkulu uyiSiqalo,
neSiphetho,
neSiphetho,
neSiphetho,
UNkulunkulu Otshalayo,
UNkulunkulu Otshalayo,
UNkulunkulu Otshalayo,
Futhi Ungumvuni (Umvuni).

Isahluko 116

Phakathi kwamazwi Ami, amaningi enza abantu babe nokwesaba, amaningi enza abantu baqhaqhazele ngovalo; kusenamanye enza abantu bahlupheke futhi baphelelwe yithemba, futhi kukhona amanye adala ukubhubha kwabantu.