( Revelation 1:8 ) “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.” (Revelation 21:6-7) Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. ( Isi Zulu 1959/1997)
IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Amahubo
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Izwi likaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Izwi likaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
4.6.19
Ukukholwa KuNkulunkulu Kumele Kugxile Eqinisweni, Hhayi Emasikweni Enkolo
Mangaki amasiko enkolo owagcinayo? Kukangaki uhlubuka ezwini likaNkulunkulu futhi uhamba indlela yakho? Kukangaki lapho wenze izwi likaNkulunkulu ngenxa yokuba ucabanga ngokweqiniso ngemithwalo Yakhe futhi ufuna ukufeza isifiso Sakhe? Qonda izwi likaNkulunkulu futhi ulenze.
31.5.19
Abantu Abangakulalela Ngokugcwele Ukuba Ngokoqobo KukaNkulunkulu Yilabo Abamthanda Ngeqiniso UNkulunkulu
Ukuba nolwazi ngokungokoqobo nokukwazi ukuwubona ngokucacile umsebenzi kaNkulunkulu—konke lokhu kuyabonakala emazwini Akhe. Ukukhanya ungakuthola kuphela emazwini kaNkulunkulu, ngakho kufanele uzihlomise kakhulu ngamazwi Akhe.
25.5.19
Landelani Iqiniso Uma Seniliqonda
Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu kuhloselwe ukuletha ushintsho esimweni senu; inhloso Yakhe ayikhona nje ukunenza niliqonde noma nilibone bese lokho kuba yisiphelo salo. Njengoba nikwazi ukwamukela, akufanele kube nzima kini ukuqonda izwi likaNkulunkulu, ngoba ingxenye enkulu yezwi likaNkulunkulu ilotshwe ngolimi lwabantu okulula kakhulu ukuluqonda.
24.5.19
Okuqondene Nabo Bonke Abenza Umsebenzi Wabo
Esimweni samanje, wonke umuntu omthanda ngeqiniso uNkulunkulu unethuba lokulungiswa NguYe. Akusho lutho ukuthi basemusha noma bamdala, inqobo uma ezinhliziyweni zabo belalela uNkulunkulu futhi bemhlonipha, yeNa uzokwazi ukubalungisa. UNkulunkulu uphelelisa abantu ngokwemisebenzi yabo ehlukahlukene.
23.5.19
Mayelana Nokuphila Komoya Okujwayelekile
Ikholwa kumele libe nokuphila komoya okujwayelekile—lesi isisekelo sokwazi amazwi kaNkulunkulu nokuba ngokoqobo. Okwamanje, ingabe yonke imithandazo, ukusondelana noNkulunkulu, ukuhlabelela, ukudumisa, ukuzindla, nokuzama ukuqonda amazwi kaNkulunkulu eniwenzayo kuhlangabezana namazinga okuphila komoya okujwayelekile? Akekho kini okumcacela kahle lokhu.
19.5.19
Isahluko 41
Usebenza kanjani uNkulunkulu kumuntu? Ingabe uyakuqonda lokhu? Ingabe kucacile? Futhi kwenziwa kanjani ebandleni? Yini oyicabangayo? Ingabe uke wayicabangela le mibuzo? Yini ethemba ukuyifeza ngomsebenzi waKhe ebandleni? Ingabe konke kucacile manje? Uma kungenjalo, khona-ke konke lokho okwenzayo kuyize, akulutho futhi akusebenzi!
12.5.19
Isahluko 13
UNkulunkulu uyizonda yonke inzalo kadrako omkhulu obomvu, futhi umzonda nakakhulu udrako omkhulu obomvu. Yilena impande yolaka olusenhliziyweni kaNkulunkulu.
18.4.19
Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso
Labo phakathi kwabafowethu nodadewethu, abahlale beveza ububi babo bayizinceku zikaSathane futhi bayaliphazamisa ibandla. Laba bantu ngelinye ilanga kumele baxoshwe futhi basuswe.
21.2.19
Isahluko 48
Ngikhathazekile, kodwa bangaki phakathi kwenu abakwazi ukuba nomqondo owodwa nomcabango owodwa Nami? Aninandaba nje namazwi Ami, niwaziba ngokuphelele futhi nehluleka ukugxila kuwona, kunalokho nigxila kuphela ezintweni zenu ezikha phezulu.
6.7.18
SA Gospel Music “Uthando LukaNkulunkulu Lwenza Sisondelane” Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu
“Uthando LukaNkulunkulu Lwenza Sisondelane” Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu
Nakuba sihlukaniswe yizilwandle nezintaba ezingenakubalwa,
singabantu ababodwa, akunamingcele phakathi kwethu,
ngesikhumba esinemibala ehlukene futhi sikhuluma izilimi ezehlukene.
28.6.18
Labo Abathanda UNkulunkulu Ngobuqotho Bangabantu Abethembekile Bonke
South Africa Best gospel music “Labo Abathanda UNkulunkulu Ngobuqotho Bangabantu Abethembekile Bonke”
I
Behlanzekile futhi bethembeke njengengane, bemsulwa futhi benempilo, begcwele impilo yobusha,
banjengezingelosi eziza emhlabeni.
Kungenamanga, kungenankohliso noma ukukhohlisa, ngenhliziyo evulekile, ethembekile baphila ngokunesithunzi.
27.6.18
South African Gospel Song “Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade”
South African Gospel Song “Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade”
I
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
Ukubaluleka nomqondo wamazwi Akhe kunqunywa yingqikithi yawo,
hhayi uma umuntu ewemukela noma ewabona.
5.2.18
Isandulela
Nakuba abantu abaningi bekholelwa kuNkulunkulu, bambalwa abaqondayo ukuthi kusho ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu, nokuthi yini okumele bayenze ukuze babe senhliziyweni kaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi, nakuba abantu belijwayele igama elithi “Nkulunkulu” namabinzana athi “umsebenzi kaNkulunkulu,” abamazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyomsebenzi Wakhe.
2.1.18
Ukuhunyushwa Kwezwi Leshumi Nane
Umuntu akaze afunde lutho ezwini likaNkulunkulu. Esikhundleni salokho, umuntu wazisa nje kuphela ingaphezulu lezwi likaNkulunkulu, kodwa engawazi umqondo walo wangempela.
13.12.17
UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII
UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (II)
UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (II)
Masiqhubekeni nesihloko sengxoxo sangesikhathi esidlule. Ningasikhumbula isihloko esasikhulume ngaso ngesikhathi esidlule? (UNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto.) Isihloko esithi “uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto,” ingabe sizwakala sikude nani? Ukhona ongangitshela iphuzu elisemqoka lalesi sihloko esikhulume ngaso ngesikhathi esidlule? (Ngokudala kukaNkulunkulu zonke izinto, ngiyabona ukuthi uNkulunkulu unakekela zonke izinto futhi anakekele nesintu.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)