( Revelation 1:8 ) “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.” (Revelation 21:6-7) Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. ( Isi Zulu 1959/1997)
IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Amahubo
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UMoya oNgcwele. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UMoya oNgcwele. Bonisa konke okuthunyelwe
25.6.19
UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni
Ekuqaleni, uNkulunkulu wayephumule. Ngaleso sikhathi kwakungekho bantu noma kungekho nanoma yini enye emhlabeni, futhi awukho umsebenzi uNkulunkulu ayesewenzile. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa wawuqala ngesikhathi kuba khona abantu nangesikhathi abantu bonakaliswa.
22.6.19
Kumele Niqonde Umsebenzi; Ningalandeli nje Ngokudideka!
Njengamanje baningi abantu abakholwa ngendlela enokudideka. Kuningi enizibuza kona, umuzwa wenu wokuphokophelela izibusiso mkhulu kakhulu, kanti umuzwa wenu wokuphokophelela ukuphila wona muncane kakhulu.
12.6.19
Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)
Isikhathi sokuqala uNkulunkulu aba yinyama ngaso kwakungokokukhulelwa ngoMoya oNgcwele, futhi kwakuhlobene nomsebenzi ayehlose ukuwenza. Inkathi Yomusa yaqala ngegama likaJesu. Lapho uJesu eqala ukwenza inkonzo Yakhe, uMoya oNgcwele waqala ukufakazela igama likaJesu, futhi igama likaJehova kwakungasakhulunywa ngalo, kunalokho uMoya oNgcwele waqala umsebenzi omusha, kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu.
3.6.19
Ukuthulisa Inhliziyo Yakho Phambi KukaNkulunkulu
Ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu kungesinye sezinyathelo esibalulekile kakhulu zokungena emazwini kaNkulunkulu, futhi kuyisifundo lapho abantu bonke benesidingo esiphuthumayo sokungena kuso manje. Izindlela zokungena ekuthuliseni inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu yilezi:
28.5.19
Bunjani Ubuhlobo Bakho NoNkulunkulu
Ekukholelweni kuNkulunkulu, okungenani kumele ulungise indaba yokuba nobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu. Ngaphandle kobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu, kuyalahleka ukubaluleka kokukholelwa kuNkulunkulu.
27.5.19
Izehlakalo
Kuzo zonke izehlakalo zikaPetru, wabekezelela amakhulu ezivivinyo. Nakuba abantu namuhla beliqonda igama elithi ‘uvivinyo,’ abayiqondi nhlobo incazelo yangempela yalo noma izimo.
26.5.19
Umuntu Othola Insindiso Yilowo Ozimisele Ukwenza Ngokweqiniso
Ekuqaleni, isidingo sokuba nempilo efanele yasebandleni kwakukhulunywa ngayo kwizintshumayelo. Pho kungani impilo yasebandleni ingakathuthuki, futhi isafana nendala? Kungani kungekho indlela entsha futhi ehlukile yempilo? Ingabe kulungile ukuthi umuntu wezikhathi zangawo-1990 aphile njengombusi wesikhathi sakudala? Noma ukudla nophuzo kungaba izibiliboco ezingajwayelekile zesikhathi sakudala, akukho shintsho olukhulu ngezimo zase bandleni.
19.5.19
Isahluko 41
Usebenza kanjani uNkulunkulu kumuntu? Ingabe uyakuqonda lokhu? Ingabe kucacile? Futhi kwenziwa kanjani ebandleni? Yini oyicabangayo? Ingabe uke wayicabangela le mibuzo? Yini ethemba ukuyifeza ngomsebenzi waKhe ebandleni? Ingabe konke kucacile manje? Uma kungenjalo, khona-ke konke lokho okwenzayo kuyize, akulutho futhi akusebenzi!
22.4.19
Labo Abazopheleliswa Kumele Bacwengwe
Uma ukholwa kuNkulunkulu, kumele ulalele uNkulunkulu, wenze iqiniso futhi ufeze yonke imsebenzi yakho. Ngaphezu kwalokho, kumele uziqonde izinto okufanele udlule kuzo.
14.4.19
Isahluko 1
Ukudumisa kufikile eSiyoni futhi indawo yokuhlala kaNkulunkulu ibonakele. Igama elihle elingcwele lidunyiswa yibo bonke abantu, futhi liyasabalala. A, Nkulunkulu uSomandla!
10.4.19
Isahluko 4
Sizohlala sibhekile futhi silindile, sithule emoyeni futhi sifuna ngenhliziyo ehlanzekile. Noma yini esehlelayo, akufanele sihlanganyele ngobumpumputhe.
9.4.19
Isahluko 5
Izintaba nemifula kulokhu kuguquka, imifudlana igeleza iya phambili, futhi impilo yomuntu imfushane kunomhlaba nesibhakabhaka. NguNkulunkulu uSomandla kuphela ongukuphila kwaphakade okuvukile, ezizukulwaneni kuphila phakade! Zonke izinto nezigameko zisezandleni Zakhe, uSathane ungaphansi kwezinyawo Zakhe.
7.4.19
6.4.19
Isahluko 8
Selokhu uNkulunkulu uSomandla—iNkosi yombuso—ebonakele, umklamo wokuphatha kukaNkulunkulu wambuleke ngokuphelele kulo lonke izulu nomhlaba.
3.4.19
Isahluko 11
Ngabe nginguNkulunkulu wakho? Ngabe ngiyiNkosi yakho? Ngabe ungivumele ngempela ukuba ngibuse njengeNkosi phakathi kuwe? Kufanele ucabange ngokuphelele ngawe.
2.4.19
Isahluko 12
Uma unesimo esingazinzile, esiguquguquka njengomoya noma imvula, uma ungakwazi ukulokhu uqhubekela phambili, khona-ke induku Yami ngeke isuke kuwe. Lapho kubhekanwa nawe, lapho isimo siba sibi ngokwengeziwe, ushushiswa ngokwengeziwe, uthando lwakho lukaNkulunkulu lwanda ngokwengeziwe, futhi uyayeka ukubambelela ezweni.
1.4.19
Isahluko 13
Esimweni senu samanje ninamathele kakhulu emibonweni “yenu,” futhi ukuphazamiseka kwenu kwezenkolo kubi kakhulu. Anikwazi ukwenza ngokuvumelana nomoya, anikwazi ukuqonda umsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi nenqaba ukukhanya okusha.
27.3.19
Isahluko 17
Ibandla liyakhiwa noSathane uzama ngakho konke ukulibhidliza. Ufuna ukubhidliza nganoma iyiphi indlela lokhu esengikwakhile, ngakho-ke ibandla kumele licwengwe ngokushesha.
26.3.19
Isahluko 18
Ukwakhiwa kwebandla akusiyo into elula! Ngifaka yonke inhliziyo Yami ekulakheni futhi noSathane angenza konke okusemandleni akhe ukulibhidliza.
25.3.19
Isahluko 19
Njengoba umsebenzi woMoya oNgcwele uqhubekela phambili, uNkulunkulu uphinde wasingenisa endleleni entsha yomsebenzi woMoya oNgcwele.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)