IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Amahubo

12.11.17

Uqonda Ukuthini Mayelana NoNkulunkulu

IBandla likaNkulunkulu uSomandla,UNkulunkulu uSomandla,UNyazi LwaseMpumalanga

Sesiside isikhathi abantu bekholwa kuNkulunkulu, nokho abaningi kubo abaliqondi igama elithi “Nkulunkulu.’ Bayalandela nje ngokungabaza.Abaqondi ukuthi kungani umuntu kumele akholwe kuNkulunkulu noma ngempela uyini uNkulunkulu. Uma abantu bazi ukukholwa nokulandela uNkulunkulu kuphela, kodwa bengazi ukuthi uyini uNkulunkulu, futhi bengamqondi uNkulunkulu, ingabe lokhu akusilo yini ihlaya elikhulu emhlabeni? Nakuba abantu manje sebebone izimfihlakalo eziningi zasezulwini futhi sebezwile ngolwazi olujulile umuntu abengakaze abe nalo ngaphambili, basebumnyameni ngamaqiniso amaningi asekuqaleni, futhi angakacatshangisiswa okwamanje. Abanye abantu bangathi, “Sikholwe kuNkulunkulu iminyaka eminingi. Kungenzeka kanjani ukuthi singamazi uNkulunkulu? Akusehlisi lokhu?” Kodwa eqinisweni, nakuba bonke Bengilandela namuhla, akekho noyedwa onokuqonda konke ngalo msebenzi wamanje. Baziba nemibuzo esobala futhi elula, ungasaphathwa lo mbuzo onzima “kaNkulunkulu.” Kumele nazi ukuthi leyo mibuzo eniyizibayo futhi ningakwazi ukuyiqonda, yiyo okumele ngabe niyayiqonda kakhulu. Nazi kuphela ukulandela isixuku, ninganaki futhi ningabi nandaba nenifanele ukuziqeqesha kukho. Ingabe niyazi ngempela ukuthi kungani kumele nikholwe kuNkulunkulu? Ingabe niyazi ukuthi uyini uNkulunkulu? Ingabe niyazi ukuthi uyini umuntu? Njengomuntu onokukholwa kuNkulunkulu, uma uhluleka ukuqonda lezi zinto, awulahlekelwa yini isithunzi sekholwa likaNkulunkulu? Umsebenzi Wami namuhla yilo: ukwenza abantu baqonde ubunjalo babo, baqonde konke engikwenzayo, bazi ubuso beqiniso bukaNkulunkulu—lesi isenzo sokugcina sohlelo Lwami lokuphatha, isigaba sokugcina somsebenzi Wami. Yingakho nginitshela zonke izimfihlakalo zempilo ngaphambili, ukuze nina nonke nizamukele Kimi. Njengoba lo kungumsebenzi wenkathi yokugcina, kumele Nginitshele onke amaqiniso empilo eningakaze nibe nawo ngaphambili, noma ngabe niyahluleka ukuwabamba futhi ningakwazi nokuwabekezelela, ngenxa yokuthi nentula kakhulu futhi anifundisekile. Ngifuna ukuphetha umsebenzi Wami, ukuqeda wonke umsebenzi Wami odingekayo, futhi nginazise ngokugcwele lokhu enginiyala ukuba nikwenze, funa niduke futhi bese niwela enkohlisweni yomubi ngesikhathi ubumnyama behla. Ziningi izindlela ngaphezu kokuqonda kwenu, ziningi izindaba eningaziqondi. Aninalwazi kabi. Ngisazi kahle isiqu senu kanye namaphutha enu. Ngakho, nakuba emaningi amazwi, angeke nikwazi ukuwabamba, Ngisafuna ukunitshela wonke lama qiniso eningakaze niwabambe ngaphambilini—ngoba Ngihlala ngikhathazeka ngezinga lesiqu senu samanje, ukuthi niyokwazi yini ukungifakazela. Akusho ukuthi Nginibukela phansi. Nonke niyizilwane ezingakaze zingene oqeqeshweni Lwami olusemthethweni futhi kuyangabazeka ngempela ukuthi ingabe ingakanani inkazimulo ekini. Nakuba Ngichithe amandla amakhulu kakhulu Ngisebenza Kini, kubonakala sengathi izimpawu ezinhle azibonakali okwempela, lapho izimpawu ezimbi zibaleka ngeminwe futhi zinikelwe ebufakazini bokuhlaza uSathane. Cishe konke okunye kini ngubuthi bukaSathane. Nibukeka kiMina sengathi ngeke kusenzeka ukuba nisindiswe. Ngakho, njengoba izinto zilapho zikhona manje, ngibuka izimilo zenu ezahlukene, futhi ekugcineni sengiyalazi izinga lesiqu senu seqiniso. Yingakho ngilokhu ngikhathazeka ngani: Uma engashiywa ukuze aziphilele ngokwakhe, umuntu angagcina esengcono noma esafana nayikho namuhla? Anikhathazekile yini ngezinga lobungane benu. Ningaba yini ngempela njengabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli, nethembeke Kimi futhi Kimi kuphela ngaphansi kwazo zonke izimo. Lokhu enikuvezayo akusikho ukuganga kwezingane ezingekho phambi kwabazali bazo, kodwa ubulwane obuqubuka ezilwaneni uma zikude nesibhaxu sikamninizo. Kumele niyazi imvelo yenu, okungubuthakathaka eninakho nonke, ukugula kwenu okufanayo. Ngakho, ukuniyala Kwami okukodwa namuhla ukuthi nimele ubufakazi Bami. Ningalokothi kunanoma kusiphi isimo, nivumele ukugula kwenu kwakudala kugqamuke futhi. Into ebaluleke kunazo zonke ukunikeza ubufakazi. Leyo inhliziyo yomsebenzi Wami. Kumele namukele amazwi Ami njengoMariya emukela isambulo sikaJehova esafika kuye ngephupho, ukukholwa bese kuba ukulalela. Yilokhu kuphela okuthathwa ngokuthi ukuba msulwa. Ngokuba inina enizwa amazwi Ami kakhulu, yinina enibusiswe yiMina kakhulu. Ngininika zonke izinto Zami ezibalulekile, Nginipha konke ngokuphelele. Izinga lenu nabantu bakwa-Israyeli, nokho, lihlukene kakhulu, njengokuhlukana kwamazwe aqheleleni kakhulu. Kepha, uma niqhathaniswa nabo, namukela okuningi kakhulu. Ngesikhathi belindele ukubonakala Kwami ngokulangazelela okukhulu, nichitha izinsuku ezimnandi Nami, nabelana ngengcebo Yami. Uma kuqhathaniswa, yini eninika ilungelo lokuklabalasa nokuphikisana Nami bese nifuna ingxenye yezinto Zami? Ingabe anitholi okwanele? Ngininika okuningi, kakhulu kodwa Ningibuyisela ngenhliziyo enokudabuka nokukhathazeka okukhulu kanye nenzondo nokungeneliseki okungavimbeki. Niyenyanyeka ngokweqile, kepha futhi niyadabukisa. Ngakho-ke, Ngiyaphoqeka ukuthi Ngigwinye yonke inzondo nokukhononda Kwami kini njalo njalo. Kule minyaka eyizinkulungwane eziningi yomsebenzi, Angikaze Ngiphikise isintu ngaphambili ngoba Ngithole ukuthi emlandweni wokuthuthuka kwesintu, yilabo kuphela abakhohlisayo phakathi kwenu abadume kakhulu. Bafana namafa ayigugu, eniwashiyelwe “ukhokho” odumile wasemandulo. Ave Ngizizonda lezo zingulube nezinja ezingebantu. Aninanembeza! Isimilo senu siphansi kakhulu! Izinhliziyo zenu ziqinile kakhulu! Uma Bengingathatha la mazwi Ami kanye nalo msebenzi Wami Ngiwuse kwa-Israyeli, Ngabe kade Sengathola udumo. Kodwa akunjalo phakathi kwenu. Phakathi kwenu kukhona ukunganakwa okunesihluku, ukudikilwa yinina, kanye nezaba zenu. Aninamizwa kakhulu futhi niyize leze!
Kumele nizinikele ngakho konke okwenu emsebenzini Wami. Kumele nenze umsebenzi ovuza Mina. Ngifuna ukunitshela ngakho konke eningacacelwe kukho ukuze nizuze konke enikuswele Kimi. Nakuba amaphutha enu emaningi kakhulu ukuba angabalwa, Ngizimisele ukuqhubeka Ngenze umsebenzi okufanele Ngiwenze Kini, Nginiphe umusa Wami wokugcina ukuze nizuze Kimi futhi nithole nenkazimulo eningenayo futhi izwe elingakaze liyibone. Ngisebenzile iminyaka eminingi, kepha akekho phakathi kwabantu ongazile. Ngifuna ukunitshela izimfihlo Engingakaze ngizitshele muntu.
Phakathi kwabantu, NgangiwuMoya ababengawu boni, uMoya ababengakaze bakwazi ukuxhumane Nawo. Ngenxa yezigaba Zami ezintathu zomsebenzi emhlabeni (ukudalwa komhlaba, ukuhlenga, kanye ukubhujiswa), Ngiyavela phakathi kwabo ngezikhathi ezahlukene (phinde esidlangaleni) ukwenza umsebenzi Wami phakathi kwabantu. Ngesikhathi Ngiqala ukufika phakathi kwabantu, kwakuyi Nkathi Yokuhlengwa.
Phela Mina ngafikela emndenini wamaJuda; ngakho, abokuqala ababona uNkulunkulu efika emhlabeni, kwakungabantu abangamaJuda. Isizathu esenza Ngenze lo msebenzi mathupha yingoba Ngangifuna ukusebenzisa ubuntu bukaNkulunkulu enyameni njengomnikelo wesono emsebenzini Wami wokuhlengwa. Ngakho abokuqala Abangibona kwakungama Juda angeNkathi Yomusa. Kwakungokokuqala Ngisebenza enyameni. NgeNkathi Yombuso, umsebenzi Wami ukunqoba nokuphelelisa, ngakho, Ngiyaphinda Ngenze umsebenzi wokwelusa enyameni. Lokhu okwesibili Ngisebenza enyameni. Ezigabeni ezimbili zokugcina zomsebenzi, lokho abantu abahlangana nakho akuseyena uMoya ongabonakali, ongathinteki, kodwa umuntu onguMoya osubonakala enyameni. Ngakho, emehlweni omuntu, ngiphinda Ngiphenduke umuntu ongabukeki futhi ongazwakali njengoNkulunkulu. Futhi, uNkulunkulu obonwa abantu akasiye owesilisa kuphela, kodwa owesifazane futhi, okuyinto eshaqisayo nedidayo kubo. Kaninginingi, umsebenzi Wami ongejwayelekile uchitha izinkolelo ezindala ebezibanjwe iminyaka ngeminyaka. Abantu bashaqekile! Lo obizwa ngoNkulunkulu akusikho nje kuphela uMoya Ongcwele, lowo Moya, uMoya ophindwe kasikhombisa onamandla, uMoya osibekela konke, kodwa futhi ungumuntu, umuntu ojwayelekile, umfokazana okwempela. Akasiye owesilisa kuphela, kodwa futhi owesifazane. Bayafana ngokuthi bonke bazalwa ngabantu, bese behluka ngokuthi omunye uzelwe ngokoMoya kanti omunye uzelwe ngokwenyama kodwa esuselwa kuMoya ngqo. Bayafana ngokuthi zozimbili lezinyama zikaNkulunkulu ethathe isimo sesintu zenza umsebenzi kaNkulunkulu uBaba, futhi abafani ngokuthi omunye wenza umsebenzi wokuhlenga kanti omunye wenza umsebenzi wokunqoba. Bobabili bamele uNkulunkulu uBaba, kodwa omunye uyiNkosi yokuhlenga egcwele umusa nothando kanye nesihe, kanti omunye uNkulunkulu wokulunga ogcwele ulaka nokwahlulela. Omunye uMkhuzi Ophakeme owethula umsebenzi wokuhlengwa, kanti omunye uNkulunkulu olungileyo ozofeza umsebenzi wokunqoba. Omunye Isiqalo, omunye Isiphetho. Omunye inyama engenasono, omunye inyama efeza ukuhlengwa, iqhube umsebenzi, futhi ayihlangani nesono. Bobabili bangu Moya ofanayo, kodwa Bahlala ezinyameni ezihlukene futhi Bazalwa ezindaweni ezihlukene. Futhi Bahlukaniswe iminyaka eyizinkulungwane eziningi. Kepha, wonke umsebenzi Wabo uyahambisana ngokuvumelana, awuxabani, futhi kungakhulunywa ngawo kanye kanye. Bobabili bangabantu, kodwa omunye ingane yomfana kanti omunye usana lwentombazane. Kuyo yonke le minyaka eminingi, lokhu abantu abakubonile akusiye uMoya kuphela kanti futhi akusiyena umuntu kuphela, owesilisa, kodwa futhi izinto eziningi ezingahambisani nemibono yomuntu, ngakho, abakwazi Ukungiqonda ngokugcwele. Bakholwa ingxenye futhi bangabaze ingxenye Ngami, kusengathi Ngikhona kodwa Ngiyiphupho elikhohlisayo. Yingakho kuze kube namuhla, abantu abazi ukuthi uyini uNkulunkulu. Ningangibeka ngempela ngokufinyeziwe ngomusho owodwa olula? Ungalokotha usho ngeqiniso ukuthi “UJesu akasiye omunye ngaphandle kukaNkulunkulu, futhi noNkulunkulu akasiye omunye ngaphandle kukaJesu”? Ingabe unesibindi sokuthi “UNkulunkulu akasiye omunye ngaphandle kukaMoya, futhi uMoya akasiye omunye ngaphandle kukaNkulunkulu”? Ingabe ukhululekile ngokuthi “UNkulunkulu ungumuntu ogqoke inyama nje”? Ingabe unaso ngempela isibindi sokuqinisa ukuthi “Umfanekiso kaJesu umfanekiso omkhulu kaNkulunkulu? Ningakwazi yini ukuchaza kahle isimo nomfanekiso kaNkulunkulu nithembele emandleni esiphiwo senu samazwi? Niyalokotha nithi “UNkulunkulu wadala owesilisa kuphela, hhayi owesifazane, ngomfanekiso Wakhe”? Uma usho lokhu, ngabe akekho owesifazane phakathi kwabakhethiweyo Bami futhi ingasaphathwa eyokuthi abesifazane babe wuhlobo phakathi kwesintu. Manje usuyazi ukuthi uNkulunkulu uyini? Ingabe uNkulunkulu ungumuntu? Ingabe uNkulunkulu unguMoya? Ingabe uNkulunkulu ungowesilisa ngempela? UJesu kuphela ongafeza umsebenzi Engifuna ukuwenza? Uma ukhetha okukodwa kulokhu okungenhla ukubeka ngokufinyeziwe ubunjalo Bami, uyobe uyikholwa elithembekile elingazi lutho ngokwedulele. Uma Ngisebenza njengoNkulunkulu othathe isimo sesintu kanye futhi kanye kuphela, Ungangikhawula? Ungajeqeza kube kanye ngempela bese uyabona Kimi? Ungangibeka ngokufinyeziwe ngokupheleleyo ngempela, usebenzisa lokhu osukubonile ngesikhathi sokuphila kwakho kuphela? Futhi uma ebuntwini Bami benyama obubili Ngenza umsebenzi ofanayo, ungangibuka kanjani? Ungangishiya yini kuze kube phakade Ngibethelwe esiphambanweni? Angaba uNkulunkulu sobala ngendlela osho ngayo?
Nakuba ukukholwa kwakho kuqotho kakhulu, akekho phakathi kwenu okwazi Ukungichaza kahle, futhi akekho phakathi kwenu ongafakaza ngokugcwele ngawo wonke amaqiniso owabonayo. Cabanga ngalokhu. Njengamanje abaningi benu niyadembesela emisebenzi yenu, kunalokho niya ezintweni zenyama, nenelisa inyama, futhi ngobugovu nithokozela inyama. Nazi iqiniso elincane. Ngakho-ke ningafakaza kanjani ngalokhu enikubonile? Uyazethemba ngempela ukuthi ungaba ufakazi Wami? Uma ngolunye usuku ungangakwazi ukufakaza ngakho konke lokhu okubone namuhla, uyobe ulahlekelwe umsebenzi womuntu odaliwe. Ubukhona bakho bungeke busasho lutho noluncane. Ngeke usafanela ukuba umuntu. Umuntu angasho ukuthi ngeke ube umuntu! Ngenze umsebenzi ongenamkhawulo kuwe. Kodwa ngoba manje awufundi lutho, awazi lutho, futhi usebenzela ize, ngesikhathi kumele ngikhulise umsebenzi Wami, uyobukela nje undwazile, ubopheke ulimi, ungesizo lwalutho. Ngeke yini lokho kukwenze isoni esidlula zonke? Uma kufika leso sikhathi, ngeke yini uzisole kakhulu? Angeke yini ucwile ekudangaleni? Angiwenzi wonke lo msebenzi ngenxa yesithukuthezi, kodwa ukwendlala isisekelo somsebenzi Wami wangesikhathi esizayo. Akusho ukuthi sengifike kwangqingetshe, sekumele Ngivele nento entsha. Kumele uqonde ukuthi umsebenzi engiwenzayo akusiwo umdlalo wokusinisa amahleza[a] kodwa ungowo kumela uBaba Wami. Kumele wazi ukuthi akumina nje ozenzela lokhu ngesingaye. Kunalokho, Ngimele uBaba Wami. Okwamanje, indima yakho ukulandela kuphela, ukulalela, ukushintsha kanye nokufakaza. Okumele ukuqonde ukuthi kungani kumele ukholwe Kimi. Lona umbuzo obaluleke kakhulu ukuba ngamunye wenu awuqonde. UBaba Wami, ngenxa yodumo Lwakhe, nonke wanihlelela Mina ngaphambili kusukela ngesikhathi edala izwe. Kwakungenxa yomsebenzi Wami uqobo, nangenxa yodumo Lwakhe Wanimisela khona ngaphambili. Kungenxa kaBaba Wami ukuthi niyakholwa Kimi. Kungenxa yokuhlela ngaphambili kukaBaba Wami ukuthi niyaNgilandela. Akukho kulokhu okungenxa yokukhetha kwenu. Okubaluleke ngisho kakhulu, ukuthi niqonde ukuthi niyi labo uBaba Angiphe bona ngenhloso yokufakaza Ngami. Ngokuba Wangipha nina, kumele nigcine izindlela Engininika zona kanye nezindlela namazwi Enginifundisa wona, ngoba kuwumsebenzi wenu ukugcina izindlela Zami. Lokhu kuyinhloso yasekuqaleni yokukholwa kwenu Kimi. Ngakho Ngithi kini, nimane ningabantu uBaba Wami Angiphe bona ukuba bagcine izindlela Zami. Nokho, nikholwa Kimi kuphela; anisibo Abami ngoba anisibo abomndeni wakwa-Israyeli kodwa kunalokho ningabenyoka yasendulo. Konke Engicela nikwenze Ukungifakazela, kodwa namuhla kumele nihambe ezindleleni Zami. Konke lokhu kungenxa yobufakazi besikhathi esizayo. Uma nisebenza kuphela njengabantu abalalela izindlela Zami, ngakho aniyikuba nasigqi futhi nokubaluleka kokuthi uBaba Wami Angiphe nina, kuyolahleka. Engigcizelelayo ukunitshela khona ilokhu: “Kumele nihambe ezindleleni Zami.”
Imibhalo yaphansi:
a.Umbhalo wokuqala ubhalwe ukuthi “ingane edlala emgwaqweni.”

Awekho amazwana:

Thumela amazwana