(UGenesise 22:16-18) Ngizifungile mina uqobo, kusho iNKOSI, ngenxa yokuthi ukwenzile lokhu, futhi ungayigodlanga indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo: Ngiyakukubusisa nokukubusisa, futhi ngandise nokwandisa inzalo yakho ibe njengezinkanyezi zezulu, nanjengesihlabathi sasogwini lolwandle; futhi inzalo yakho iyothatha isango lezitha zayo; Futhi ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba zizobusiswa, ngokuba ulilalele izwi lami.
( Revelation 1:8 ) “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.” (Revelation 21:6-7) Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. ( Isi Zulu 1959/1997)
IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Amahubo
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izibusiso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izibusiso. Bonisa konke okuthunyelwe
28.8.19
22.8.19
UNkulunkulu Uthembisa Ukunika U-Abrahama Indodana
1. UNkulunkulu Uthembisa Ukunika U-Abrahama Indodana
(UGenesise 17:15-17) Futhi uNkulunkulu wathi ku-Abrahama, NgoSarayi umkakho, ungabe usambiza ngokuthi uSarayi, kodwa igama lakhe sekuzoba uSara. Futhi ngizombusisa, bese ngikunika indodana okungeyakhe naye: yebo, ngizombusisa, futhi kumele abe umama wezizwe; amakhosi abantu ayophuma kuye.
(UGenesise 17:15-17) Futhi uNkulunkulu wathi ku-Abrahama, NgoSarayi umkakho, ungabe usambiza ngokuthi uSarayi, kodwa igama lakhe sekuzoba uSara. Futhi ngizombusisa, bese ngikunika indodana okungeyakhe naye: yebo, ngizombusisa, futhi kumele abe umama wezizwe; amakhosi abantu ayophuma kuye.
16.8.19
Izibusiso UNkulunkulu Azipha UNowa Ngemva KukaZamcolo
(UGenesise 9:1-6) Futhi uNkulunkulu wambusisa uNowa kanye namadodana akhe, futhi wathi kubo, Zalani, bese nanda, futhi nigcwale umhlaba. Futhi uvalo nokwesaba kwenu kuzakuba phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi zolwandle; kunikezelwe ezandleni zenu.
2.6.19
Yazini Intando KaNkulunkulu Nizuze Ukuphelela
Lapho nazi intando kaNkulunkulu, umthwalo wenu usinda ngisho nakakhulu; lapho umthwalo wenu usinda, nesipiliyoni senu sizoba siningi. Lapho niyazi intando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyonithwalisa lo mthwalo, futhi niyokhanyiselwa uNkulunkulu ezintweni aniphathise zona.
14.3.19
Isahluko 29
Ngabe uyazi ukuthi isikhathi siyacindezela? Ngakho-ke esikhathini esifishane uzothembela Kimi ulahle kude zonke izinto ezingahambisani nesimo Sami: ukungazi, ukuthatha kancane ukwenza izinto, imicabango engacacile, ukuba nenhliziyo ethambile, intando engaqinile, ukungabi namqondo, imizwa enengcindezi, ukudideka kanye nokungakwazi ukwahlulela.
12.3.19
Isahluko 31
Ngithanda bonke labo abangifuna ngobuqotho. Uma nigxila ekuthandeni Mina, nakanjani ngizonibusisa kakhulu. Ingabe niyaziqonda izinhloso Zami? Endlini Yami, akukho mehluko phakathi kwesikhundla esiphakeme nesikhundla esiphansi.
13.2.19
Isahluko 55
Isintu esivamile okukhulunywa ngaso asikho kakhulu ngaphezu kwemvelo njengoba abantu becabanga, kodwa siyakwazi ukunqoba izibopho zabo bonke abantu, izehlakalo, nezinto, sinqobe amandla endawo ezungezile, futhi siyakwazi ukusondela Kimi futhi sixhumane Nami kunoma iyiphi indawo kanye nokunoma yisiphi isimo.
10.2.19
Isahluko 57
Uke wayihlola yini ngamunye imicabango nemiqondo Yakho, kanye nesenzo sakho ngasinye? Uyacacelwa yini ukuthi yikuphi kulokhu okuvumelana nentando Yami nokuthi yikuphi okungavumelani nayo? Awukwazi ukukwahlukanisa lokhu!
28.1.19
Isahluko 70
Ukuthi imfihlakalo Yami yambuliwe futhi yavezwa obala, ayisafihliwe, kungenxa yomusa Wami nesihawu Sami ngokuphelele.
21.1.19
Isahluko 74
Babusisiwe labo abafunde izwi Lami base bekholwa ukuthi lizofezeka—ngeke ngikuphathe kabi, kodwa ngiyokwenza lokho okholwa ukuthi kugcwaliseke kuwe.
8.12.18
South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"
South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"
I
UNkulunkulu akanandaba nokuthi umuntu uthobekile noma mkhulu.
Uma nje ezwa uNkulunkulu,
elalela lokho uNkulunkulu akuyalayo nakunikezayo,
ekwazi ukubambisana nomsebenzi Wakhe, nohlelo Lwakhe nentando Yakhe,
ukuze intando nohlelo Lwakhe kungaqhubeka ngaphandle kokuphazanyiswa,
lokhu kwenza kukufanele, kukufanele ukukhunjulwa nguNkulunkulu,
futhi kufanele ukuthola, ukuthola isibusiso Sakhe.
27.11.18
South African Gospel Music 2018 "Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu"
South African Gospel Music 2018 "Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu"
Yini eyadala ukuphakama koMbuso wamaNgisi owake wanedumela? Futhi yini eyaholela ekuweni kwawo? Buka isiqephu sebhayisikobho yobuKristu esithi Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu ukuze uthole okwengeziwe ngeqhaza elibalulekile uMbuso wamaNgisi owalibamba ekuthuthukeni kwesintu.
19.11.18
67. Isipho Esihle Kakhulu UNkulunkulu Angiphe Sona
UYixin Edolobheni LaseShijiazhuang, Esifundazweni SaseHebei
Ngaphambili, ngangivame ukuzwa abafowethu nodadewethu bethi, “Konke uNkulunkulu akwenzayo okuhle kakhulu; yikho konke abantu abakudingayo.” Ngakwamukela lokhu futhi ngavumelana nakho, kodwa ngangingenakho noma yikuphi ukuqonda ngokuhlangenwe nakho kwami. Kamuva ngazuza ukuqonda ngakho ngesimo uNkulunkulu angenzela sona.
20.9.18
7. Abantu abaningi bathi, “Lapho izulu liwa wonke umuntu uzokufa.” Ngakho lapho izinhlekelele zehla, ingabe abakholwa kuNkulunkulu bazosindiswa ngempela ekufeni?
Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
UNkulunkulu wadala lo mhlaba, wadala isintu, futhi ngaphezu kwalokho, wayengumakhi wesiko lamaGriki lasendulo kanye nokuphucuka kwabantu. UNkulunkulu kuphela oduduza lesi sintu, futhi uNkulunkulu kuphela onakekela lesi sintu ubusuku nemini.
UNkulunkulu wadala lo mhlaba, wadala isintu, futhi ngaphezu kwalokho, wayengumakhi wesiko lamaGriki lasendulo kanye nokuphucuka kwabantu. UNkulunkulu kuphela oduduza lesi sintu, futhi uNkulunkulu kuphela onakekela lesi sintu ubusuku nemini.
12.9.18
Ukubusiswa Ngenxa Yokugula—I-Eseyi emayelana noThando lukaNkulunkulu
UDujuan eJapan
Ngazalelwa emndenini ompofu emzini wasemakhaya. Kusukela ngiseyingane, ngangiphila impilo enzima futhi ngangibukelwa phansi abanye abantu. Ngesinye isikhathi ngangingazi nokuthi ngangizoba naso yini isidlo esilandelayo, angisayiphathi-ke indaba yezidlo zokubamba umoya kanye namathoyizi.
Ngazalelwa emndenini ompofu emzini wasemakhaya. Kusukela ngiseyingane, ngangiphila impilo enzima futhi ngangibukelwa phansi abanye abantu. Ngesinye isikhathi ngangingazi nokuthi ngangizoba naso yini isidlo esilandelayo, angisayiphathi-ke indaba yezidlo zokubamba umoya kanye namathoyizi.
13.8.18
2. Kungani uNkulunkulu ebusisa ibandla elamukela nelithobela umsebenzi Wakhe? Kungani eqalekisa izinhlangano zezenkolo?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Ngoba labo abakwezenkolo bayehluleka ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu omusha, futhi babambelela emsebenzini wakudala, ngakho uNkulunkulu ubalahlile labo bantu, futhi wenza umsebenzi Wakhe omusha kubantu abamukela lo msebenzi omusha. Laba ngabantu abasebenzisana nomsebenzi Wakhe omusha, futhi umsebenzi wokuphatha ungafezeka ngale ndlela kuphela.
5.8.18
Isahluko 13
Okufihlakele kokushiwo yizwi Lami yizinhloso Zami eziningi. Kodwa abantu abazi futhi abaqondi lutho kulokhu, bayaqhubeka nokuthola amazwi Ami ngaphandle bese bewalandela bengaphandle, ngaphandle kokuthi bakwazi ukubona inhliziyo Yami noma bazizwele intando Yami esemazwini Ami.
25.7.18
Ingabe ubufakazi beqiniso benkolo kuNkulunkulu uma umuntu ethokozela kuphela umusa kaNkulunkulu?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Uma uthokozela umusa kaNkulunkulu kuphela, unempilo yomndeni enokuthula noma ukubusiseka ngezinto eziphathwayo, lapho-ke awukamtholi uNkulunkulu, futhi inkolo yakho kuNkulunkulu ifadabele.
5.4.18
South African Gospel Song “Ukusola Nokwahlulela KukaNkulunkulu Kungukukhanya Kwensindiso Yomuntu”
South African Gospel Song “Ukusola Nokwahlulela KukaNkulunkulu Kungukukhanya Kwensindiso Yomuntu”
I
Ukuze uhlanzwe ekuphileni kwakho, ukuze uguqulwe isimo,
uphile impilo enenhloso, ufeze umsebenzi wakho njengesidalwa,
kufanele wamukele ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu,
akufanele uvumele ukuqondisa nokushaya kukaNkulunkulu ukuba kusuke kuwe, ukuze uzikhulule ekusetshenzisweni nguSathane,
Kufanele uvumele uNkulunkulu akushaye futhi abhekane nawe.
5.12.17
Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu
Ngempela ngempela umthanda kangakanani uNkulunkulu namhlanje? Futhi kungakanani konke okwaziyo uNkulunkulu akwenzile kuwe? Lezi yizinto okufanele uzifunde.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)