( Revelation 1:8 ) “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.” (Revelation 21:6-7) Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. ( Isi Zulu 1959/1997)
IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Amahubo
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula dumisani. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula dumisani. Bonisa konke okuthunyelwe
29.12.19
South African Gospel Choir Music "Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni" Worship Song (Zulu Subs)
9.10.19
South African Gospel Song | “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” | Ukubuka Okungakabonwa Okwengeziwe
South African Gospel Song | “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” | Ukubuka Okungakabonwa Okwengeziwe
Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?
5.3.19
Isahluko 36
UNkulunkulu onamandla onke wangempela, iNkosi esesihlalweni sobukhosi, ubusa wonke umhlaba nezulu, ubhekene nazo zonke izizwe nabo bonke abantu, nakho konke okungaphansi kwezulu kukhanya ngenkazimulo kaNkulunkulu.
17.12.18
African Gospel Dance Song 2018 "Injabulo Ezweni Elihle LaseKhanani" Amukela Ukubuya kweNkosi uJesu
Amukela Ukubuya kweNkosi uJesu "Injabulo Ezweni Elihle LaseKhanani" | South African Gospel Music 2018
I
Ngibuyele emndenini kaNkulunkulu, ngijabulile futhi ngithokozile.
Izandla zami zibambe isithandwa sami, inhliziyo yami engeyaKhe.
Nakuba ngidlule esiGodini seziNyembezi, ngilubonile uthando lukaNkulunkulu.
Uthando lwami ngoNkulunkulu lukhula usuku nosuku, uNkulunkulu ungumthombo wenjabulo yami.
Ngibanjwe ubuhle bukaNkulunkulu, inhliziyo yami inamathele Kuye.
30.9.18
South African Gospel Music 2018 “Ngabantu Abaqotho Kuphela Abanomfanekiso Wobuntu”
South African Gospel Music 2018 “Ngabantu Abaqotho Kuphela Abanomfanekiso Wobuntu”
I
Ngenxa yenzuzo ngalahla zonke izindinganiso zokuziphatha,
futhi ngesibindi ngasebenzisa inkohliso ukuziphilisa.
Angibanga nandaba nonembeza noma isimilo, lutho ngobuqotho noma isithunzi.
3.9.18
South African Gospel Song 2018 - Ihubo Lombuso “(II) UNkulunkulu Ufikile, UNkulunkulu UyiNkosi”
South African Gospel Song - Ihubo Lombuso “(II) UNkulunkulu Ufikile, UNkulunkulu UyiNkosi”
I
Kulo mzuzu ongajwayelekile, kulesi sikhathi esijabulisayo,
ezulwini phezulu, naphansi, bonke bayahlabelela, becula izindumiso.
Kulokhu, ubani ongajabule? Kulokhu, ngubani ongenanhliziyo ethokozile?
Bebhekene nalokhu, ngubani ongaphunyelwa unyembezi?
Izulu, lingaselona izulu lakudala, yizulu lombuso.
19.8.18
South African Gospel Music 2018 "Bonke Abantu Baphila Ekukhanyeni KukaNkulunkulu"
South African Gospel Music 2018 "Bonke Abantu Baphila Ekukhanyeni KukaNkulunkulu"
I
Manje ekuphakanyisweni, ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu
Kuyachuma emkhathini wonke, kuphakanyisiwe kuso sonke isintu.
Amadolobha ezulu ayahleka, imibuso yomhlaba iyadansa.
5.8.18
Isahluko 13
Okufihlakele kokushiwo yizwi Lami yizinhloso Zami eziningi. Kodwa abantu abazi futhi abaqondi lutho kulokhu, bayaqhubeka nokuthola amazwi Ami ngaphandle bese bewalandela bengaphandle, ngaphandle kokuthi bakwazi ukubona inhliziyo Yami noma bazizwele intando Yami esemazwini Ami.
24.7.18
South African Gospel Song "Igama LikaNkulunkulu Lizokhazinyuliswa Phakathi Kwabezizwe"
South African Gospel Song "Igama LikaNkulunkulu Lizokhazinyuliswa Phakathi Kwabezizwe"
I Inhloso yokwahlulela kukaNkulunkulu ukukhuthaza ukulalela komuntu; inhloso yokusola kukaNkulunkulu ukuvumela ukuguquka komuntu. Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu ungenxa yokuphatha Kwakhe, akukho akwenzayo okungalungile kumuntu.
21.7.18
"Ukuphila KwaseBandleni Lethu Kuyathandeka Kakhulu" Enjoy the Word of God and Praise God
Ukuphila KwaseBandleni Lethu Kuyathandeka Kakhulu
I
UNkulunkulu uMninimandla onke useyinyama, Wena sikuculela kakhulu izindumiso.
Usiletha ekuphileni kombuso.
Thina bantu bombuso sisedilini laKho,
sijabulela amazwi aKho, sihlanzwe ekonakaleni kwethu.
20.5.18
South African Gospel Music 2018 “Lapho Uvulela UNkulunkulu Inhliziyo Yakho”
South African Gospel Music 2018 “Lapho Uvulela UNkulunkulu Inhliziyo Yakho”
I
Lapho ungamqondi uNkulunkulu futhi ungayazi imvelo Yakhe,
izinhliziyo zenu azisoze zavuleka ngokweqiniso, zivulekela uNkulunkulu.
Lapho usumqonda uNkulunkulu wakho,
uzokuqonda okusenhliziyweni Yakhe,
bese ujabulela okukuye ngakho konke ukukholwa nokunaka kwakho.
9.5.18
Loving God and Living For God "Impilo Yethu Ayilona Ize" (A Cappella) - Best Christian Music Video
Loving God and Living For God "Impilo Yethu Ayilona Ize" (A Cappella) - Best Christian Music Video
I
Impilo yethu ayilona ize. Impilo yethu ayilona ize.
Namuhla sihlangana noNkulunkulu, sizwe umsebenzi Wakhe.
Simazile uNkulunkulu esenyameni, engokoqobo engowempela.
Siwubonile umsebenzi wakhe, umkhulu futhi umangalisa.
Impilo yethu ayilona ize. Impilo yethu ayilona ize.
Namuhla sihlangana noNkulunkulu, sizwe umsebenzi Wakhe.
Simazile uNkulunkulu esenyameni, engokoqobo engowempela.
Siwubonile umsebenzi wakhe, umkhulu futhi umangalisa.
1.5.18
South African Gospel Song “Zonke Izinto Ziphila Ngemigomo Nemithetho Ebekwe NguNkulunkulu”
South African Gospel Song “Zonke Izinto Ziphila Ngemigomo Nemithetho Ebekwe NguNkulunkulu”
I
Iminyaka eyizinkulungwane eziningi idlulile,
futhi isintu sisathokozela ukukhanya nomoya onikwe nguNkulunkulu,
sisaphefumula umphefumulo okhishwe nguNkulunkulu uqobo Lwakhe,
sisathokozela izimbali, izinyoni, izinhlanzi kanye nezinambuzane ezidalwe nguNkulunkulu,
futhi sithokozela zonke izinto ezinikezwe nguNkulunkulu;
imini nobusuku kusaqhubeka nokudedelana;
izinkathi zonyaka ezine ziyadedelana ngokujwayelekile;
amahansi andiza esibhakabhakeni ayahamba kulobu busika, futhi asabuya entwasahlobo elandelayo;
izinhlanzi emanzini aziyishiyi neze imifula namachibi—ikhaya lazo.
23.2.18
Yonke Indlela Kanye Nawe
I
Nganginjengesikebhe, ngintanta olwandle.
Nganginjengesikebhe, ngintanta olwandle.
Wangikhetha, wangiholela esiphephelweni.
Manje emndenini Wakho, nginothiswa wuthando Lwakho, nginokuthula.
Uyangibusisa, unika amazwi Akho okwahlulela.
Kodwa ngisehluleka ukwazisa umusa Wakho.
Ngihlubuka njalo, ndlela thize ngikulimaza inhliziyo.
14.12.17
Umculo Wokholo "Ukube Angisindiswanga uNkulunkulu"(Ividiyo Yomculo Esemthethweni)
Ukube Angisindiswanga uNkulunkulu
I
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu, ngabe ngisaqhubeka nokukhukhuleka nale lizwe,
ngilwa kanzima nakabuhlungu esonweni; usuku nosuku ngifiphazeke futhi ngingenathemba.
"Ngizothanda UNkulunkulu Kuze Kube Phakade" Thanda uNkulunkulu Ngenhliziyo Yami Yonke
Ngizothanda UNkulunkulu Kuze Kube Phakade
I
O Nkulunkulu! Amazwi aKho angibuyisele Kuwe.
Ngiyakwamukela ukuqeqeshwa embusweni waKho imini nobusuku.
Ngokuvivinywa kaningi nangezinhlungu, ngezinsizi eziningi.
10.11.17
Isahluko 27
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)