IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Amahubo

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula unkulunkulu uthando. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula unkulunkulu uthando. Bonisa konke okuthunyelwe

26.12.19

Indawo Yokuphila Eyisisekelo uNkulunkulu Ayenzela Isintu——Ukukhanya

 Indawo Yokuphila Eyisisekelo uNkulunkulu Ayenzela Isintu——Ukukhanya






















Into yesine ehlobene namehlo abantu—ukukhanya. Lokhu kubalulekile. Uma ubona ukukhanya okuxhophayo, bese ukuxhopha kwalokhu kukhanya kufika ezingeni elithile, amehlo akho ngeke abone. Vele, amehlo abantu amehlo enyama. Awakavikeleki ekulimaleni. Ingabe ukhona ongagqolozela ilanga? (Cha.) Ingabe ukhona oke wazama? Abanye abantu bake bazama.

23.12.19

Indawo Yokuphila Eyisisekelo uNkulunkulu Ayenzela Isintu——Umsindo

Into yesithathu umsindo. Lokhu okunye okufanele ukuthi indawo ejwayelekile ehlala abantu ibe nakho. Umsindo waba khona ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto. UNkulunkulu wawenza kahle kakhulu ngaleso sikhathi. Lokhu yinto ebaluleke kakhulu kuNkulunkulu nasekuphileni kwabantu futhi.

20.12.19

Indawo Yokuphila Eyisisekelo uNkulunkulu Ayenzela Isintu——Amazinga okushisa nokubanda

Indawo Yokuphila Eyisisekelo uNkulunkulu Ayenzela Isintu——Amazinga okushisa nokubanda





























Into yesibili amazinga okushisa nokubanda. Wonke umuntu uyazi ukuthi ayini amazinga okushisa nokubanda. Amazinga okushisa nokubanda yinto leyo indawo efanele ukuphila abantu okumele ibe nayo. Uma amazinga okushisa ephezulu kakhulu, ake sithi uma amazinga okushisa engaphezulu kwama-degrees Celsius angama-40, lokho kusho ukuthi kuzoba kubi kakhulu ngabantu ukuphila lapho.

17.12.19

Indawo Yokuphila Eyisisekelo uNkulunkulu Ayenzela Isintu——Umoya

Indawo Yokuphila Eyisisekelo uNkulunkulu Ayenzela Isintu——Umoya


























Okokuqala, uNkulunkulu wadala umoya ukuze abantu baphefumule. Akuwona yini lo “moya” umoya wokuphila kwansuku zonke lowo abantu abahlala njalo benawo? Ingabe lo moya awuyona into abantu abathembele kuyo sonke isikhathi, ngisho noma belele? Umoya lowo uNkulunkulu awudalile ubaluleke kakhulu esintwini: Uyingxenye ebalulekile yawo wonke umphefumulo wabo nasekuphileni ngokwakho.

28.8.19

Isibusiso SikaNkulunkulu Ku-Abrahama

(UGenesise 22:16-18) Ngizifungile mina uqobo, kusho iNKOSI, ngenxa yokuthi ukwenzile lokhu, futhi ungayigodlanga indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo: Ngiyakukubusisa nokukubusisa, futhi ngandise nokwandisa inzalo yakho ibe njengezinkanyezi zezulu, nanjengesihlabathi sasogwini lolwandle; futhi inzalo yakho iyothatha isango lezitha zayo; Futhi ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba zizobusiswa, ngokuba ulilalele izwi lami.

22.8.19

UNkulunkulu Uthembisa Ukunika U-Abrahama Indodana

1. UNkulunkulu Uthembisa Ukunika U-Abrahama Indodana

(UGenesise 17:15-17) Futhi uNkulunkulu wathi ku-Abrahama, NgoSarayi umkakho, ungabe usambiza ngokuthi uSarayi, kodwa igama lakhe sekuzoba uSara. Futhi ngizombusisa, bese ngikunika indodana okungeyakhe naye: yebo, ngizombusisa, futhi kumele abe umama wezizwe; amakhosi abantu ayophuma kuye.

16.8.19

Izibusiso UNkulunkulu Azipha UNowa Ngemva KukaZamcolo

(UGenesise 9:1-6) Futhi uNkulunkulu wambusisa uNowa kanye namadodana akhe, futhi wathi kubo, Zalani, bese nanda, futhi nigcwale umhlaba. Futhi uvalo nokwesaba kwenu kuzakuba phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi zolwandle; kunikezelwe ezandleni zenu.

7.8.19

II.UNkulunkulu Udala U-Eva

(UGenesise 2:18-20) Futhi INKOSI uNkulunkulu yathi, Akukuhle ukuba umuntu ahlale ngayedwa; ngizakumenzela umsizi omfanele.

2.7.19

South African Gospel Song | “UNkulunkulu Ubeka Ithemba Lakhe Ngokuphelele Kumuntu” (Lyrics Video)





South African Gospel Song | “UNkulunkulu Ubeka Ithemba Lakhe Ngokuphelele Kumuntu” (Lyrics Video)

I
Kusuka ekuqaleni kuze kube namuhla,
yisintu kuphela esibe nendlela
yokukhuluma noNkulunkulu, sixoxe noNkulunkulu.
Phakathi kwazo zonke izidalwa, zonke izinto eziphilayo,
yisintu kuphela esimazwi aso angaletha
futhi akhulume noNkulunkulu, axoxe noNkulunkulu.

24.4.19

Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I

ukulunga kukaNkulunkulu,unkulunkulu uthando,























Namuhla sidlulisa isihloko esibalulekile. Lesi sihloko bekulokhu kukhulunywa ngawo kusukela ekuqaleni komsebenzi kaNkulunkulu kuze kube manje, futhi sibaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu. Ngamanye amazwi, lena indaba wonke umuntu ayohlangana nayo kuso sonke isigaba sokukhonza kwakhe uNkulunkulu futhi indaba okumele kukhulunywe ngayo.

15.4.19

Isahluko 35

Ngiqalile ukwenza umsebenzi Wami kubantu, ngokubavumela ukuthi bahlale emfuleni owodwa Nami. Ngizowuqeda ngisenabo umsebenzi Wami, ngoba bayilokho engikulawulayo ohlelweni lonke lokuphatha Kwami—futhi kuyisifiso Sami ukuthi babe ngongqo-shishilizi ezintweni zonke.

24.2.19

Isahluko 45

Nahlulela obala abafowenu nodadewenu sengathi akulutho. Aniwazi ngempela umehluko phakathi kokuhle nokubi; anilazi ihlazo! Ngabe lokhu akukhona ukuziphatha okunesibindi, okunobudlabha obesabekayo? Lowo nalowo kinina udidekile futhi unenhliziyo esindayo; nithwele umthwalo omningi kakhulu futhi akukho ndawo Yami kinina.

5.2.19

Isahluko 61

Lapho unolwazi lwesimo sakho khona-ke ufeza intando Yami. Empeleni, intando Yami ayinzima ukuyiqonda, ukuthi nje esikhathini esedlule awukaze ufune ngokwenhloso Yami.

4.2.19

Isahluko 63

Qonda izimo zakho, futhi ngaphezu kwalokho, cacelwa ngendlela odinga ukuyihamba; ungabe usalinda Mina ukuba ngikuphakamise ngezindlebe zakho bese ngikukhombisa izinto. NginguNkulunkulu obuka inhliziyo yomuntu engaphakathi kakhulu futhi ngazi wonke umcabango nomqondo wakho, ngisho ngaphezulu kwalokho ngiqonda izenzo nokuziphatha kwakho.

8.12.18

94. Ukuhlupheka Kwakhuthaza Uthando Lwami LukaNkulunkulu


UMeng Yong Esifundazweni saseShanxi

Ngingumuntu ngokwemvelo owethembekile, yingakho bengihlala ngihlushwa ngabanye abantu. Ngenxa yalokho, ngizwe ukubanda komhlaba womuntu futhi ngezwa ukuphila kwami kungenalutho futhi kungenanjongo.

25.11.18

South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Unikeza Umthetho"



South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Unikeza Umthetho"

Emuva kokuba uMose ehole ama-Israyeli aphuma eGibhithe, uNkulunkulu wamemezela imithetho nemiyalelo, eyaqondisa impilo yama-Israyeli emhlabeni futhi yafundisa abantu indlela yokukhonza uNkulunkulu.

24.11.18

72. Ngafunda Ukusebenza Nabanye

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

















ULiu Heng  Esifundazweni SaseJiangxi

Ngomusa nangokuphakanyiswa uNkulunkulu, ngathatha umthwalo wokuba ngumholi webandla. Ngaleso sikhathi, nganginomdlandla omkhulu futhi ngenza isinqumo phambi kukaNkulunkulu: Noma ngihlangabezana nani, ngeke ngishiye imithwalo yami.

17.11.18

Zulu Christian Song "Indlela Olubaluleke Ngayo Uthando LukaNkulunkulu Lomuntu"




Zulu Christian Song  "Indlela Olubaluleke Ngayo Uthando LukaNkulunkulu Lomuntu"

Isithombe esidwetshwe eBhayibhelini "Umyalelo kaNkulunkulu ku-Adam"
sithinta futhi sifudumalise inhliziyo.
Yize isithombe siqukethe uNkulunkulu nomuntu kuphela,
ubudlelwano obuphakathi kwalaba bobabili busondelene kakhulu
siqala ukufikelwa ukumangala, ukumangala nothando.

14.11.18

61. Akulula Ukuba Umuntu Othembekile

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


















UZixin wasedolobheni laseWuhan, esiFundazweni saseHubei 

Ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu nokulalela intshumayelo, ngafinyelela ekukuqondeni ukubaluleka kokuba umuntu othembekile ngase ngiqala ukuphila ngokuthembeka. Emva kwesikhathi esithile, ngathola ukuthi sengizuze ukungena ekubeni ngumuntu othembekile.

6.11.18

Injabulo Ezweni Elihle LaseKhanani

Ngibuyele emndenini kaNkulunkulu, ngijabulile futhi ngithokozile.
Izandla zami zibambe isithandwa sami, inhliziyo yami engeyaKhe.
Nakuba ngidlule esiGodini seziNyembezi, ngilubonile uthando lukaNkulunkulu.