IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Amahubo

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula insindiso_kaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula insindiso_kaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

20.11.19

Umfanekiso Wemvu Elahlekile

(Math 18:12-14) Nicabangani? uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese eyodwa ilahleka, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, futhi aye ezintabeni, ayofuna elahlekile na? Bese uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunalezi zimvu, ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingalahlekanga. Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini, ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancane.

3.10.19

UMdali uVeza Imizwa Yakhe Yeqiniso ngeSintu

Le ngxoxo phakathi kukaNkulunkulu uJehova noJona ngaphandle kokungabaza, ingukubonakaliswa kwemizwa yeqiniso yoMdali ngesintu. Ngasengxenye, yazisa abantu ngokuqonda koMdali kwayo yonke imvelo engaphansi komyalo Wakhe; njengoba uNkulunkulu uJehova wathi, “mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; kanye nezinkomo eziningi na?” Ngamanye amazwi, ukuqonda kwaNkulunkulu ngeNineve kwakungakhi phezulu.

30.9.19

Imizwa yoMdali eQotho ngeSintu

Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu, kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. UNkulunkulu akakaze ayeke ingxoxo Yakhe nesintu; Akakaze azifihle kumuntu, futhi akakaze Acashe.

23.9.19

Uma uKholo Lwakho Kuye Luyiqiniso, Uzovama Ukuthola Ukunakekelwa Nguye

Ukuguquka kukaNkulunkulu ngezinhloso aye nazo ngabantu baseNineve, akuna bungqikangqikaza noma ukudideka. Kepha, kwakungukuguquka kusuka entukuthelweni emsulwa kuya ekubekezeleleni okumsulwa.

20.9.19

UNkulunkulu uyakubona ukuPhenduka Kweqiniso Ekujuleni Kwezinhliziyo zabantu baseNineve

UMahluko Omkhulu phakathi Kokuphendula kwabantu baseNineve nabaseSodoma Esixwayisweni sikaNkulunkulu uJehova

Kuchaza ukuthini ukuchithwa? Ngendlela eyayivamile, kuchaza ukuthi ukunyamalala. Kodwa kanjani? Ubani owayengenza umuzi wonke unyamalale? Kungeke kwenzeke ukuba umuntu enze into enjalo, empeleni.

17.9.19

Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve

(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.