( Revelation 1:8 ) “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.” (Revelation 21:6-7) Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. ( Isi Zulu 1959/1997)
IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Amahubo
21.11.18
South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Uhola Ama-Israyeli Ewakhipha EGibhithe" (Zulu Subtitles)
South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Uhola Ama-Israyeli Ewakhipha EGibhithe" (Zulu Subtitles)
Ukuze ahole ama-Israyeli ewakhipha eGibhithe, uNkulunkulu wathumela izinhlupho eziyishumi eGibhithe, wasebenzisa igunya Lakhe ngokwahlukanisa ulwandle phakathi, futhi wakhulula ama-Israyeli empilweni yawo yobugqila—konke okwakukhombisa amandla Akhe amakhulu, futhi kwedlulisa uthando nokukhathalela Kwakhe okukhulu kwabakhethiweyo.
Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
Bhalisa ku:
Thumela amazwana (Atom)
Awekho amazwana:
Thumela amazwana