( Revelation 1:8 ) “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.” (Revelation 21:6-7) Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. ( Isi Zulu 1959/1997)
IBandla LikaNkulunkulu USomandla-Amahubo
15.11.18
South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Ebusa Phezu Kwezulu Nomhlaba" (Zulu Subtitles)
South African Gospel Music 2018 "UNkulunkulu Ebusa Phezu Kwezulu Nomhlaba" (Zulu Subtitles)
Izulu nomhlaba kubanzi ngokungenamkhawulo, nezinkanyezi ezingabaleki ezakha umzungezo oowenziwe ngobunyoninco…. Uyafisa ukuthola ukuthi ngubani owadala imihlaba esemkhathini wezulu nomhlaba, futhi ngubani oyalela indlela yayo? Isiqephu sebhayisikobho yobuKristu esimangalisayo esithi UNkulunkulu Ebusa Phezu Kwezulu Nomhlaba sizokukhombisa amandla amakhulu oMdali.
Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Bhalisa ku:
Thumela amazwana (Atom)
Awekho amazwana:
Thumela amazwana