Uma sengibuqedile ubukhona bomuntu, akuyukuba khona noyedwa oyosala ukuze abekezelele ukushushiswa wumhlaba, futhi kulapho okuyoshiwo khona ukuthi umsebenzi Wami omkhulu ufeziwe. Ezinsukwini zokugcina lapho ngizobe ngisenyameni khona, engifisa ukukufeza emsebenzini Wami ukuvumela isintu siqonde ukungabi nalutho kokuphila emzimbeni wenyama, ngalokho ngizoyishabalalisa inyama. Emva kwalokho, ngeke kusaba namuntu emhlabeni, akekho noyedwa oyophinda akhale ngokungabi nalutho kwempilo emhlabeni, akukho noyedwa oyokhuluma ngobunzima benyama, akukho noyedwa oyokhononda futhi ngokuthi angiphethe ngokufaneleyo, futhi bonke abantu nezinto bayongena ekuphumuleni. Emva kwalokho, akukho noyedwa oyogijima aye le nale, noma ozofuna lapha nalaphaya emhlabeni ngoba abantu uqobo bazobe sebethole indawo abaphokophelele kuyo. Ngaleso sikhathi, bazomamatheka ebusweni babo. Ngeke ngisacela okungaphezulu kumuntu futhi ngeke ngisaba nengxabano naye; ngeke kusaba khona sivumelwano phakathi kwethu. Ngikhona emhlabeni futhi isintu siphila emhlabeni; ngiphila ngiphinde ngihlale kanye naso. Isintu sizwa ukujabulela ubukhona Bami; ngakho umuntu akazimisele ukuhamba ngaphandle kwesizathu, futhi esikhundleni salokho bafisa sengathi bengingahlala isikhashana eseluliwe. Ngingabekezelela kanjani ukubona izigcawu zosizi ezisemhlabeni ngingephakamise ngisho umunwe ukusiza? Angiyena owomhlaba. Kungokubekezela ukuthi ngisesemhlabeni kuze kube yilolu suku, nakuba lokho ngikwenza nginokungabaza. Ukuba akungenxa yokunxusa kwabantu, ngabe ngahamba kudala. Ezinsukwini zamanje isintu siyakwazi ukuzinakekela futhi asiludingi usizo Lwami ngoba sivuthiwe asidingi ukuthi asondliwe Yimi. Ngalokho ngihlela ukuba nomgubho wokunqoba nesintu, emva kwawo bese ngisivalelisa, ukuze sikwazi lokhu. Vele, ukwehlukana kabi bekungeke kube yinto enhle ngoba akukho zikhalo phakathi kwethu. Ngakho ubungani obuphakathi kwethu buzohlala okokuphela. Ngethemba ukuthi emva kokwehlukana kwethu “ifa” Lami kumuntu lizoqhubeka. Ningakhohlwa yizimfundiso engizethulile ngesikhathi Sami, ningazenzi izinto ezizothunaza igama Lami, futhi nigcine izwi Lami emiqondweni. Ngethemba ukuthi umuntu uzozama ngamandla akhe wonke ukunganelisa uma sengihambile. Ngethemba ukuthi isintu sizolisebenzisa izwi Lami njengesesekelo sempilo yaso. Ningangidumazi ngoba inhliziyo Yami njalo ikhathazekile ngesintu futhi njalo bengixhumene naso. Isintu Nami sake sabuthana ndawonye emhlabeni sajabulela izibusiso ezifanayo nezisezulwini. Ngiphile ndawonye nesintu ngahlala naso, isintu besilokhu singithanda, Nami bengilokhu ngisithanda; sinozwelo komunye nomunye. Uma ngikhumbula isikhathi Sami nesintu, ngikhumbula izinsuku zethu zigcwaliswe ukuhleka nenjabulo, phezu kwalokho, zazikhona izingxabano. Noma kunjalo, uthando phakathi kwethu lwasunguleka kulesi sisekelo akwangahlukana ukusingathana kwethu. Ekuxhumaneni kwethu kweminyaka eminingi, isintu sishiye isithombe esijulile Kimi futhi Nami ngiphe isintu izinto eziningi ukuba sizithokozele, isintu ebesilokhu sikhombisa ukubonga okukhulu. Manje ukuhlangana kwethu akufani nakancane nokwaphambilini; ngubani ongaphuthelwa yilesi sikhathi sokwehlukana kwethu? Umuntu unothando Lwami olujulile, Nami nginothando lwakhe olungapheli, kepha yini engenziwa ngalokho? Ngubani obezoba nesibindi sokuphikisana nezidingo zikaBaba osezulwini? Ngizobuyela endaweni Yami yokuhlala, lapho ngizoqedela khona enye ingxenye yomsebenzi Wami. Mhlawumbe sizoba naso futhi isikhathi sokuhlangana. Kuyithemba Lami ukuthi isintu ngeke sizizwe silusizi kakhulu futhi sizonganelisa emhlabeni; uMoya Wami ezulwini uzoletha umusa kuso.
Kusukela esikhathini sokudala, ngaphrofetha ukuthi ezinsukwini zokugcina ngizokwakha iqembu labantu elizoba nomqondo owodwa nowami. Ngikubikezele ukuthi emva kokusungula isibonelo emhlabeni ezinsukwini zokugcina, ngizobuya ngize endaweni Yami yokuhlala. Lapho sonke isintu sesinganelisile, sizobe sesizifezile izidingo Zami, ngeke ngisadinga lutho kuso. Esikhundleni salokho, isintu Nami siyoxoxelana izindaba zezinsuku zethu zakudala emva kwalokho siyohlukana. Ngiqala ukwenza lo msebenzi bese ngivumela isintu ukuba sizilungiselele ngokomqondo. Ngizokwenza sonke isintu siqonde izinhloso Zami ukuze kungenzeki singiqonde kabi noma sicabange ukuthi nginonya noma anginanhliziyo, okungeyona inhloso Yami. Ngabe isintu siyangithanda nokho siyenqaba ukungidedela ngibe nendawo efanele yokuphumula? Ngabe isintu asizimisele ukucela uBaba osezulwini enzela Mina? Ngabe umuntu akakaze achithe izinyembezi zokuzwelana Nami? Asisizanga na isintu ekufezeni umhlangano ophuthumayo Kithi singuBaba neNdodana? Kungani singazimisele manje? Umsebenzi Wami emhlabeni usufeziwe futhi emva kokwehlukana nesintu ngizoqhubeka nokusiza isintu, akukuhle lokhu? Ukuze umsebenzi Wami ube nomphumela omkhudlwana futhi ukuze usize ndawo zombili, kufanele sehlukane nakuba kubuhlungu ukukwenza. Izinyembezi zethu zizowa buthule ngingabe ngisasithethisa isintu. Esikhathini esedlule, ngisho izinto eziningi eziyihlabile inhliziyo yesintu uqobo, zenza ukuthi sikhiphe izinyembezi zosizi. Ngalokho, ngiyaxolisa esintwini futhi ngicela ukuba isintu singithethelele; ningangifisi futhi ningangizondi ngokuba konke engikushilo bekuhlose ubuhle besintu. Ngakho ngethemba ukuthi isintu sizoyiqonda inhliziyo yami. Ezikhathini ezedlule sibe nengxabano, kodwa uma kubhekwa emuva, sobabili sizuzile. Kulezi zingxabano uNkulunkulu nesintu babe nebhuloho lobungane elakheke phakathi kwabo, akuzona lezo izithelo zemizamo yokusebenzisana kwethu? Kumele sonke sikujabulele lokhu. Ngicela umuntu ukuthi awathethelele “amaphutha” Ami akuqala kanti neziphambeko zomuntu nazo zizokhohlakala. Uma nje umuntu ekwazile ukubuyisa uthando Lwami ngesikhathi esizayo, lokho kuzoletha ukunethezeka eMoyeni Wami ezulwini. Angazi ukuthi isinqumo somuntu siyini kulokhu, ukuthi umuntu uzimisele yini ukufeza isicelo Sami sokugcina noma cha. Angiceli lutho olunye kumuntu, kuphela ukuthi angithande, futhi lokho kwanele. Kungenzeka lokhu na? Mazedlule zonke izinto ezingemnandi ezenzeke phakathi kwethu esikhathini esedlule, makube nothando njalo phakathi kwethu. Nginikile umuntu uthando olukhulu kangaka kumuntu, nomuntu ukhokhe kakhulu kangaka ukungithanda. Ngakho ngethemba ukuthi isintu siyalwazisa uthando olumangalisayo futhi olungenasici phakathi kwethu ukuze uthando lwethu lwedlulele emhlabeni womuntu luphinde lwehlele phansi okokuphela. Uma siphinda sihlangana, masiphinde sihlanganiswe wuthando ukuze uthando lwethu luqhubekele ekuphileni kwaphakade futhi ludunyiswe luxoxwe yibo bonke abantu. Lokhu kuyonganelisa ngiphinde ngiveze ubuso Bami obumamathekayo esintwini. Ngethemba ukuthi umuntu uzokukhumbula konke engikubeke kuye.
uNhlangulana 1, 1992
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Awekho amazwana:
Thumela amazwana